We do not have a sample of this song ):

Jabulani Hadebe (Sjava)'s picture

Kube Ngangazi

(View album: Isibuko)



40% accurate

Kube ngangazi
Kube ngangazi

Ngaphoxa abazali badumala
Mabethol'ukuthi ng'khulelwe
Mabeng'buza ngawe ekhaya
Kwabanzima ukubatshela ung'balekele
Baba noMama nicely uxolo
Umkhohlisi ung'khohlisile
K'thiw' intandane enhle umakhothwa unina
Kumele ngiqine mntwana'mi ngik'khulisile

Kube ngangazi
Kube ngangazi mina
Ngangingeke ngik'nike ubuntombi bami
Kube ngangazi
Kube ngangazi mina
Ngangingeke ngik'nike ubuntombi bami

Wuye lo umntwanakho usekhulile
'Yambona useyintombi engakanani
Ezimnandi ukuthi uyasebenza
Futhi uyanginakekela
Mangingakhala ngabe ngiqamba amanga
Ezibuhlungu ukuthi emoyeni akaneme neze
Uhlala ethukuthele, enolaka
Mangimbuza ngomkhwenyane akaphenduli
Uvula anxaphe ahi yena akafani k'gana
Mama amdoda mina ngiyawazonda ayizinja
Ubaba wathi uyas'thanda kodwa ekugcineni wasishiya
Manje ngidlala abafana
Ngihambe ngishayisa
Ngoba ngifuna uthando elizovala isikhala saBaba
Kubuhlungu
Ngizothanda kanjani uthando ngingalwazi ngikhula
Kubuhlungu
Uthi konke akwakhayo kuyabhidlika
Kungenxa yakho

Kube ngangazi
Kube ngangazi mina
Ngangingeke ngik'nike ubuntombi bami
Kube ngangazi
Kube ngangazi mina
Ngangingeke ngik'nike ubuntombi bami

Get this song on
Apple Music

Get this song on
Spotify

Youtube
Soundcloud
Share what this song means to you..