We do not have a sample of this song ):

Jabulani Hadebe (Sjava)'s picture

Ubuhle Bendalo

(View album: Isibuko)



40% accurate

Impilo yasedolobheni
inok'vala inqondo
Ngiyajabula ukuba sekhaya
Ngibuke ubuhle bendalo
Imfula namagquma konke kunomlando
Kuleth'ukuthula kuthoba inhliziyo
Ngikhohlwa ukuhlupheka
Nenkinga zomhlaba
Ngikhohlwa ukuhlupheka
Nazo zonke inkinga zomhlaba

Ngikhumbula sisakhula
Njengamathole s'tshakadula
Nabazali bethu thina babesekhona
Singakazi ukuthi impil'iyoke isibeke lasikhona
Impilo ayikholula emazweni lasizama khona
Uthando nenjabulo kulapho esazalwa khona

Asambeni siye emakhaya
Siyokhothwa idlozi
S'phinde sibuye sozama
Asambeni siye emakhaya
Siyokhothwa idlozi
S'phinde sibuye sozama

Impilo yasedolobheni
inok'vala inqondo
Ngiyajabula ukuba sekhaya
Ngibuke ubuhle bendalo
Imfula namagquma konke kunomlando
Kuleth'ukuthula kuthoba inhliziyo
Ngikhohlwa ukuhlupheka
Nenkinga zomhlaba
Ngikhohlwa ukuhlupheka
Nazo zonke inkinga zomhlaba

Get this song on
Apple Music

Get this song on
Spotify

Youtube
Soundcloud
Share what this song means to you..