(Chorus)
God is on my side anginalo uvalo ang'sabi lutho
Amadimoni ngizowanyathela ang’sabi niks
Nawe sitha sami nak'impilo yakho ukhohlwe yimi
Sonke sazalwa s'fumbethe
(Verse 1)
Ngicel' ukukubonga Nkosi
Ukuthi ungigcine kwaze kwaba la
Ngikhalela abangaboni ukhuti
Uthando Iwakho luyaphilisa
Ung'thule umthwalo ngathi uyabona
Bengekho ozong'bambisa
Ngithe ake ngibonge nje lapho
Ngingabongi ok'ningi nje impilo
UNkulunkulu wenze imlingo
Ngempilo yami
From zero to hero
Wemngan' wami
Wathi kimi wemfana thatha la nali ikhono
Hamba uyobusisa abantu bami
Bayakhal' bayakhala sadedela isinamuva
Buka manje liyabukwa
Ndlala iphelile siyasutha (webafana)
Nje bafana ngiyinikhuza
Ngeke niyimele 'mayisuka
Umona yifa leziphukuphuku
Wesitha sami siyoshayana ngezulu
(Verse 2)
Ngith' ukungidlel' umona
Ngitshele kuyok'siza ngani
Noma ungangibulala ukuhlakanipha okwami
Nako kuyohamba nami
Ngiphilela impilo yami
Angilweli ukuba unumber one
Ngilwela uk'phila
Nginakekele umndeni wami
Bangakhuluma bakhulume bakhulume
Kuze kuxege imilomo
Ngizoloku ngiyiphusha njalo
Lempilo eyiskorokoro
Cel' okhokho baxoshe inzondo
Balethe umnotho mathlohonolo
Aathi amakholwa ungafisi okwamakhelwane wakho
Neliswa yilokh' okwakho.